Back to top

Sabbath Bible Lessons

Ivangeli Ngokuya NgokukaJohane (INXENYE YESITHATHU)

 <<    >> 
ISIFUNDO 6 ISABATHA, NCWABA 9, 2025

Isithembiso SoMoya Ongcwele

IVESI LEKHANDA: “Thina singofakazi balezizinto kanye noMoya Ongcwele uNkulunkulu amnikile labo abamlalelayo” (Izenzo 5:32).

“Isithembiso soMoya Ongcwele asinqunyelwe iminyaka kunoma yisiphi isikhathi noma isizwe esithize. UKristu wamemezela ukuthi umfutho ongcwele woMoya Wakhe kwakufanele ube kubalandeli Bakhe kuze kube sekupheleni.”-The Acts of the Apostles, p. 49.

Izincwadi Ezinikeziwe:   Testimonies for the Church, vol. 8, pp. 19-23; 
  The Acts of the Apostles, pp. 47-56. 

NgeSonto , Ncwaba 3

1. UKULALELA-ISITHELO SOKUKHOLWA

a. Lapho samukela uJesu ngokukholwa, kuyini amaKrestu akwamukela ezinhliziyweni zabo-na? Roma 5:1-5.

b. Uthando lukaKristu lubonakaliswa kanjani ekuphileni kokholwayo-na? Johane 14:15, 21; 1 Johane 2:3.

“[UKristu] usindisa abantu, kungesikho ezonweni zabo, kodwa ukuba basuke ezonweni; futhi labo abaMthandayo bazobonisa uthando lwabo ngokulalela.

“Konke ukulalela kweqiniso kuvela enhliziyweni. Ngumsebenzi wenhliziyo noKristu. Kodwa uma sivuma, uzozibonakalisa ngempela ngemicabango yethu nokuzama kwethu, ehlanganisa izinhliziyo zethu nezingqondo ekuvumelaneni nentando Yakhe, nokuthi uma simLalela sizobe siqhubekisela phambili ukuzizwa kwethu. Intando, ehlanzekile nengcwelisiwe, sizothola injabulo ephakeme yokwenza umsebenzi Wakhe. Uma simazi uNkulunkulu njengoba kuyilungelo lethu lokumazi Yena, ukuphila kwethu kuzoba ukuphila kokulalela okuqhubekayo. Ngokubonga isimilo sikaKristu, ngobudlelwane noNkulunkulu, isono sizozondeka kithi.”-Desire of Ages, p. 668.


NgoMsombuluko , Ncwaba 4

2. ISIDINGO ESIMQOKA

a. Ubani uJesu athembisa ukuthi uzomthumela ukududuza abafundi-na? Johane 14:16-18.

“Kusukela ekuqaleni komsebenzi wokuhlenga Wona [uMoya] ubulokhu uhamba phezu kwezinhliziyo zabantu. Kodwa ngesikhathi uKristu esemhlabeni, abafundi babengafisi omunye umsizi. Kwaze kwafinyelela lapho bephucwa ubukhona Bakhe yilapho bazizwa benesidingo soMoya, khona-ke ubuzofika.”-The Desire of Ages, p. 669.

b. UKristu “uzophila” kanjani ezinhliziyweni zabafundi-na? Johane 14:19-23.

“UMoya Ongcwele umela uKristu, kodwa kwavela ubuntu ebuntwini, futhi obuzimele ngokwawo. Embathiswe ngobuntu, uKristu ubengeke abesezindaweni zonke uqobo. Ngakho-ke kwakungenxa yentshiseko yabo ukuba Aye kuYise, futhi athumele uMoya ukuba ngolandela Yena emhlabeni. Akukho noyedwa obengazuza ngenxa yendawo yakhe noma ukuxhumana kwakhe noKristu. NgoMoya uMsindisi wayetholwa yibo bonke. Ngalomqondo uzobaseduze nabo uma ubenganyukelanga phezulu….

“UJesu wafunda ikusasa labafundi Bakhe. Wabona omunye elethwa kuhlaka lokuphanyeka, omunye esiphambanweni, omunye ekudingisweni eyedwa phakathi kwamadwala olwandle, abanye beshushiswa baze bafe. Wabakhuthaza ngesithembiso sokuthi esilingweni ngasinye uzoba nabo. Leso sithembiso asilahlekelwanga amandla aso. INkosi yazi konke ngezinceku Zayo ezithembekile ukuthi ngenxa Yakhe basematilongweni noma baxoshelwe eziqhingini bebodwa. Ubaduduza ngobukhona Bakhe. Lapho ngenxa yeqiniso okholwayo emi enkundleni yekomiti lokungalungi, uKristu uma eduze kwakhe. Konke ukusola okuza kuye, kuwela phezu kukaKristu. UKristu uyahlulelwa futhi kumuntu wobufundi Bakhe. Uma omunye evalelwa ngaphakathi kwezindonga zetilongo, uKristu ujabulisa inhliziyo ngothando Lwakhe….

“Ngezikhathi zonke nakuzo zonke izindawo, osizini lonke nakuzo zonke izihlupheko, lapho ukubonakala kwangaphandle kumnyama futhi nekusasa liyindida, futhi sizizwa singelutho futhi sisodwa, uMduduzi uzothunyelwa njengempendulo yomkhuleko wokholo. Izimeko zingase zisihlukanise nabangani bethu abasemhlabeni; kodwa makungabikho izimeko, noma ibanga, elingasehlukanisa noMduduzi osezulwini. Nomaphi lapho sikhona, nomaphi lapho singaya khona, uhlala esesandleni sethu sokudla ukusisekela, ukusixhasa, ukusikhuthaza, futhi asijabulise.”-Ibid., pp. 669, 670.


Ngolwesibili , Ncwaba 5

3. UTHISHELA

a. Kungayiphi indlela uMduduzi ezoletha umfutho wawo emkhumbulweni nasekuqondeni kwabafundi-na? Johane 14:26.

“[Abafundi] babengaqondi ukubaluleka kwemibhalo uKristu ayilethayo. Izifundo Zakhe eziningi zazilahleka kubo. UJesu wabona ukuthi ababambi ngokuqinile izizathu ngempela zamazwi Akhe. Ngozwelo wabathembisa ukuthi uMoya Ongcwele uzobakhumbuza lamazwi ezingqondweni zabo. Futhi okuningi akazange asakusho okungeke kwaqondwa ngabafundi Bakhe. Lokhu kuzombulelwa bona nguMoya. UMoya kwakufanele usheshise ulwazi, ukuze bathokozele izinto zasezulwini. ‘Uma ethi, uMoya weqiniso, uyeza,’ uJesu uthi, ‘Uzoniholelela kulo lonke iqiniso.’”-The Desire of Ages, pp. 670, 671.

b. Kuyini okunye okuzokwenziwa nguMduduzi kubalandeli bakaKristu beqiniso-na? Johane 16:12-14.

“Uma kukhona umcijo weqiniso ongawuzwisisi, ngaphezu kwalokhu ungavumelani nawo, uhlolisise, qhathanisa umbhalo nombhalo, yehlela ngezansi emgodini weqiniso ujule kwingcebo eyiliZwi likaNkulunkulu. Kufanele ubeke phansi umina nemicabango phezu kwe-altare likaNkulunkulu, ulahle imibono yakho oyimisile, futhi uvumele uMoya weZulu ukuholele kulo lonke iqiniso.”-Selected Messages, bk. 1, pp. 412, 413.

“Angeke sazwisisa kahle noma sijabulele isambulo esingcwele ngaphandle kosizo loMoya Lowo izwi elinikezwe ngalo.”-Testimonies for the Church, vol. 5, p. 241.

“Izilingo kaningi zibonakala zingenakuvinjelwa ngoba, ngokunganaki ukukhuleka nokuhlola iBhayibheli, lowo olingwayo angeke akhumbule ngokushesha izithembiso zikaNkulunkulu ahlangabezane noSathane ngezikhali zeMibhalo. Kodwa izingelosi zizungeze labo abathanda ukuletha emkhumbulweni amaqiniso adingekayo. Kanjalo ‘lapho isitha sifika njengomfula okhahlamezayo, uMoya weNkosi uzophakamisa izinga lokumelana naso.’ Isaya 59:19.

“UJesu wathembisa abafundi Bakhe: UMduduzi, onguMoya Ongcwele, lowo uBaba ayakumthumela egameni Lami uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona.’ Johane 14:26. Kodwa izimfundiso kufanele zilondolozwe engqondweni ukuze uMoya kaNkulunkulu uzilethe emkhumbulweni wethu ngezikhathi zokugcina.”-The Great Controvesy, pp. 599, 600.


Ngolwesithathu , Ncwaba 6

4. IFA LOKUTHULA

a. Yisiphi isithembiso esimangalisayo uJesu asinikeza abalandeli Bakhe abathembekile-isithembiso esizoba usizo ezikhathini zokuhlupheka-na? Johane 14:27-29.

“Ekuxoxisaneni Kwakhe nabafundi, uJesu akazange akhulume ngokuhlupheka nokufa Kwakhe. Ifa Lakhe lokugcina kubo bekuyifa lokuthula.”-The Desire of Ages, p. 672.

“[KuJohane 14:27 ngokuphindwa.] Lokuthula akukhona ukuthula okutholakala ngokuvumelana nomhlaba. UKristu akazange athenge ukuthula ngokutshekela ebubini. Ukuthula uKristu akushiyela abafundi Bakhe kungaphakathi kunokuba kube ngaphandle futhi kwakumele ahlale njalo nofakazi Bakhe esikhathini sokulwa nombango”-The Acts of the Apostles, p. 84.

“Umlando weqiniso uke waba ngumshikashika phakathi kokuhle nokubi. Ukumenyezelwa kwevangeli kuthe kwaqhubekela phambili kulomhlaba phambi kwabamelene nalo, izingozi, ukulahlekelwa, nokuhlupheka.

“Abeyini amandla alabo ekuqaleni abahlupheka ngokushushiswa ngenxa kaKristu-na? Kwakungenxa yobunye noNkulunkulu, ubunye noMoya Ongcwele, ubunye noKristu. Ukusolwa nokuhlupheka kuthe kwahlukanisa abaningi nabangani babo abasemhlabeni, kodwa abahlukananga nothando lukaKristu. Awukho umphefumulo othe walingwa othe wathandwa kakhulu nguMsindisi wakhe kunesikhathi ehlupheka ngokusolwa ngenxa yeqiniso.’ Johane 14:21. Lapho ngenxa yeqiniso okholwayo emi enkundleni yekomiti yokungalungi, uKristu uma eduze kwakhe. Uma omunye evalelwa ngaphakathi kwezindonga zetilongo, uKristu ujabulisa inhliziyo ngothando Lwakhe.”-Ibid., p. 85.

b. Ekupheleni komsebenzi Wakhe, kuyini uJesu akwazi ukukuqinisa maqondana Ngaye-na? Johane 14:30

“USathane uthola ezinhliziyweni zabantu omunye umcijo lapho angafaka khona unyawo; ezinye izifiso zobubi ziyathokozelwa, ngendlela leyo izilingo zakhe zigcizelela amandla azo. Kodwa uKristu uthi Ngaye, “Ngokuba uyeza umbusi wezwe, kepha akanalutho Kimi.’ Izikhukhula zezilingo ziwela phezu Kwakhe, kodwa azingeke zamenza aguquke asuke ekulaleleni uNkulunkulu.”- SDA Bible Commentary [E. G. White Comments], vol. 7, p. 927.


Ngolwesine , Ncwaba 7

5. UKUTHULA KUKA-KRISTU

a. Ngeyiphi indlela eyodwa esingaba nokuthula noNkulunkulu-na? Johane 16:33; Efesu 2:13, 14.

“Ngamandla ethu angeke kwenzeka kithi ukuphika ubunzima bemvelo yokuwa kwethu. Ngalomzila uSathane uzoletha isilingo phezu kwethu. UKristu uyazi ukuthi isitha sizokuza kwisidalwa ngasinye, ukuze sisebenzise ngokunenzuzo ubuthakathaka bozalo, nangokufaka kwaso amanga ukuze sicuphe bonke othemba labo lingekho kuNkulunkulu. Futhi ngokudlula emhlabathini okufanele ahambe kuyo umuntu, elungiselela indlela yokunqoba. Akuyona intando Yakhe ukuba sibekwe endaweni yokulwa noSathane. Angeke avume ukuba sisabiswe futhi sidangaliswee ukuhlasela kwenyoka. ‘Kepha yimani isibindi,’ Esho; ‘Mina ngilinqobile izwe.’ Johane 16:33.’”-The Desire of Ages, p. 122.

b. Kuyini okudingeka kumakholwa afisa ukuba nokuthula noNkulunkulu-na? Amahubo 119:165. Azoba yini amava okholwa kanjalo-na? 1 Johane 3:22.

“INkosi izosifundisa umsebenzi wethu ngokuzithandela njengoba ezofundisa omunye umuntu. Uma siza Kuye ngokukholwa, uzokhuluma izimfihlakalo kithi mathupha. Izinhliziyo zethu zizovutha phakathi kwethu njengaLowo osondela eduze ukukhulumisana nathi njengoba enza kuEnoki. Labo abakhetha ukungenzi lutho noma yimuphi umzila ozodanisa uNkulunkulu, bazokwazi, emva kokuletha amacala abo phambi Kwakhe, ukuthi iyiphi indlela abayilandelayo. Angeke bathola ukuhlakanipha kuphela, kodwa amandla. Amandla okulalela, okusebenza, azokwabelwa bona, njengoba uKristu ethembisile.”-Ibid., p. 668.


NgoLwesihlanu , Ncwaba 8

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE

1. Ngingaqiniseka kanjani ukuthi ngikhuleka ngempela egameni likaKristu-na?

2. Kungani ukuthula kukaKristu kuncenga mina kakhulu kunokuthula okunikezwa umhlaba-na?

3. Ngingaba namava amakhulu kanjani okuthula kukaKristu?

4. Chaza ukuphila kokholwayo onokuthula noNkulunkulu.

5. Fingqa umsebenzi woMoya Ongcwele.

 <<    >>