Ivangeli Ngokuya NgokukaJohane (INXENYE YESITHATHU) << >> Umnikelo weSabatha Lokuqala ISabatha, Ncwaba 2, 2025 Igatsha Lezemfundo Kwi-GC Imfundo, ngokufanayo nokungcweliswa, ngumsebenzi wempilo yonke. Kusukela eminyakeni yokuqala kuze kube phakade, imfundo izohlala iyinxenye yomnyombo wamava omuntu. KuleSabatha sicela usizo lwenu ukwengeza inxenye ebalulekile ukuze ibandla likhulise umzamo walo. Kufanele sifunde ukuba ngabavangeli eminyakeni yethu yobuncane. “Wonke umfundi weqiniso uzalelwa embusweni kaNkulunkulu njengomvangeli.”-The Desire of Ages, p. 195. “Ubafundise impela wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka” (Duteronomi 6:7). Futhi lapho ukunqoba kuthe kwalondolozwa, futhi izoni nesono kungasekho, umsebenzi wemfundo uzoqhubeka. Manje ukudlula ngaphambili, ibandla lethu kufanele lilungele ukunikela ngezinto zokusebenza ukumisa imfundo yesisekelo esifanele kuzozonke izigaba zeminyaka yomkhaya woluntu. Ngeshwa, izikhungo eziningi zemfundo zithe zasuka kwizisekelo zemfundo ukuba izikhungo zemfundo yomhlaba. Njengoba sibona ukuthi umfutho wezikolo ezinawo kubantwana bethu, abaningi bathe bacela izinto zokusebenza ukusiza imfundo yabo ukuze kukhazimuliswe uNkulunkulu. Ngakho-ke, igatsha lemfundo kwiGC lilungisa uhlelo lwezifundo ngenhloso yokuqondisa lokho. Ngokuhlanganyela nothishela namanye amagatsha, umsebenzi wokulungisa loluhlelo sowuqalile. Nokho umsebenzi mkhulu kunemali esinayo. Sidinga izipho zenu zesihle ukulungisa izinto zokusebenza, zihunyushwe, bazenze zithengeke ngisho nakulabo abasezindaweni ezimpofu. Usizo lwenu lizokwenza kubelula kithi ukulungisa izinto zokusebenza ezisesimeni esihle ukuze abafundi abazisebenzisayo “bangalungela ukuba lusizo kulokuphila kanye nomsebenzi kaNkulunkulu kuze kube phakade.”-Counsels to Parents, Teachers, and Students p. 495. Siyawuqonda lomsebenzi ukuthi mkhulu, kodwa ufanelekile. Ngosizo lwenu sizokwakha izinto zokusebenza ukusuka kwizibalo ukuya kwizilimi kanye nesayensi yokuxhumana ezokwazi ukuhlomisa nabancane kakhulu phakathi kwethu ukunikeza isigijimi sevangeli emhlabeni wonke ngendlela ephumelelayo ngokungenzeka. Sinibonga ngaphambili kwangathi iNkosi ingabusisa izipho nalabo abazinikelayo. Kwigatsha Lezemfundo kwiGeneral Conference << >>