Back to top

Sabbath Bible Lessons

Ivangeli Ngokuya NgokukaJohane (INXENYE YESITHATHU)

 <<    >> 
ISIFUNDO 4 ISABATHA, NTULIKAZI 26, 2025

UJesu, Inceku Ye-Zinceku

IVESI LEKHANDA: “Ngokuba ngininikile isibonelo ukuba nenze nani njengokuba ngenzile kini “(Johane 13:15).

“Ukuphila konke kukaKristu bekungukuphila komsebenzi wokuzidela. ‘Ayizelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza,’ (Mathew 20:28), bekulokhu kuyisifundo sokwenza Kwakhe konke.”-The Desire of Ages, p. 642.

Incwadi Enikeziwe:   The Desire of Ages, pp.642-651. 

NgeSonto , Ntulikazi 20

1. UMQONDO WEZIZWE

a. Yisiphi isimo sengqondo esibhubhisayo esasungulwa nguLusifa esathinta ubuJuda (kufaka phakathi abafundi bakaKristu) futhi kungasithinta nathi namuhla-na? Luka 22:24, 25.

“ULusifa wayefisa amandla kaNkulunkulu, kodwa hayi isimilo Sakhe. Wayezifunela indawo ephakeme, futhi nesidalwa ngasinye esishukunyiswa umoya wakhe sizokwenza okufanayo. Kanjalo ukwehlukana, ukungezwani, futhi nombango angeke kwavinjelwa. Ubukhosi umphumela wonamandla amakhulu. Umbuso kaSathane ngumbuso wamandla; umuntu ngamunye ubheka omunye njengesivimbelo sokwenyuka, noma itshe lokunyathela phezu kwalo yena uqobo angakhwela kulo ukwenyukela endaweni ephakeme.”-The Desire of Ages, pp. 435, 436.

“Emibusweni yomhlaba, isikhundla sisho ukuzizwa. Abantu bekufanele babekhona ukuze kusizakale amaxuku abusayo. Umfutho, ingcebo, imfundo bekuyizindlela eziningi kakhulu zokuthola ukulawula iningi lokusebenza kwabaholi. Ixuku eliphezulu kwakufanele licabange, linqume, lithokoze, futhi libuse; ixuku eliphanzi kwakufanele lilalele futhi liyasebenze. Inkolo, nazo zonke ezinye izinto, bekuyinto ekhona ngegunya. Abantu kwakulindelwe ukuba bakholwe futhi benze njengalokhu abaphathi bebayala. Ilungelo lomuntu njengomuntu, ukucabanga nokuzenzela ngokwakhe, bekungaziwa ngokuphelele.”-Ibid., p. 550.

“Ngokuziqhenya kwesimoya, isifiso sokuvelela, ukufisa izinto ezinkulu ngodumo noma isikhundla….ibandla lingaphazamiseka futhi nokuthula kwalo kunikelwe.”-Testimonies for the Church, vol. 5, p. 241.


NgoMsombuluko , Ntulikazi 21

2. UKUGUQULWA KWESIMO SOMQONDO KUYADINGEKAYO

a. Yimuphi ngempela umehluko wokufisa isikhundla esiphakeme, yisiphi isimiso uJesu asiqinisayo-futhi yisiphi isibonelo asinikeza maqondana nalokho-na? Luka 22:26, 27; Johane 13:13-16.

“UKristu wayemisa umbuso wezimiso ezihlukile. Wabiza abantu, hayi ukuba babe negunya, kodwa wababizela emsebenzini, abanamandla bathwale ubuthakathaka balabo abangenamandla. Amandla, isikhundla, ithalenta, imfundo, kwabeka onako ngaphansi kwesibopho esikhulu sokusebenzela abangane babo.

“Embusweni kaNkulunkulu akukho ukucindezela kobukhosi, ayikho impoqo yokuziphatha. Izingelosi ezulwini azizi emhlabeni ukuba zibuse, noma ukucindezela inhlonipho, kodwa ziyizithunywa zomusa, ukusizana nabantu ukuphakamisa uluntu.”-The Desire of Ages, p. 550, 551.

b. Chaza ukuthi uKristu waphatha kanjani abantu abasephutheni-nesimo sengqondo sokubuyisela ubuthakathaka bemvelo yethu. Filiphu 2:3, 4.

“Kuyimvelo, kodwa akuthokozisi, okuyizimpawu zesimilo sethu ezikhuthalela ukubona ubuhle bethu, nokuzithoba emkhumbulweni wethu, namaphutha nokwehluleka kwabanye.

“UMzalwane B akazami ukuba nobunye nabazalwane Bakhe; ukuzethemba kwakhe kwamholela ukuba angabinamuzwa wesidingo esikhethekile sobunye. Unomuzwa wokuthi izingqondo zabo ziphonswe ekubunjweni okuphansi kweyakhe nokuthi ukwamukela imibono nezeluleko zabo njengezifanele ukunakwa kuzoletha inhlekelele enkulu…Unomuzwa wokuthi uhlakaniphe kakhulu futhi unamava adinga ukuqashelwa okudingwa ngabaningi. Unombono ophakeme kakhulu ngamakhono akhe nokuthemba nokweyama kulokhu akuzuzile akholelwa njengamalungiselelo anoma yisiphi isimo esiphuthumayo.”-Testimonies for the Church, vol. 5, pp. 444, 445.

“Umfutho wobugovu wokuthanda umhlaba, oqhubeka njengefu, wenza makhaza umoya ophefumulwa ngabanye, ubangela ukugula komphefumulo futhi ngokuvamile ubangele ukufa.”-Ibid., p. 528.

“Uma kukhona uthando phakathi kwabazalwane oluzobaholela ekuboneni abanye bengcono kunabo, kuzobakhona ukunikela izindlela zabo nezifiso zabo kwabanye.”-Gospel Workers, p. 447.


Ngolwesibili , Ntulikazi 22

3. INJWAYELO EYINGOZI

a. Kukhathazeka kuni abapostoli ababelokhu benakho maduze nje ngaphambi kwePhasika-na? Mathewu 20:20-24; Luka 22:24.

“Kwakukhona ‘ukuphikisana phakathi kwabo, ukuthi ngubani ozobalelwa ukuthi ungomkhulu.’ Lombango, wawuqhubeka phambi kukaKristu, wabalusizi futhi Kwamlimaza. Abafundi babambelela emcabangweni wabo abawuthandayo wokuthi uKristu uzoqinisa amandla Akhe, athathe isikhundla Sakhe esihlalweni sikaDavide. Futhi enhliziyweni ngayinye babefisa indawo ephakeme embusweni. Bathe bamisa umlinganiso wabo phezu kwabo naphezu komunye, futhi, esikhundleni sokubheka abazalwane babo njengabafanele kakhulu, bazibeka ngokwabo phambili. Isicelo sikaJakobe noJohane sokuhlala esandleni sokudla nakwesokunene esihlalweni sombuso kaKristu savusa intukuthelo kwabanye abafundi. Ukuthi izelamani ziqale ukucela isikhundla esiphakeme kwashukumisa kakhulu abayishumi ukusongela kokwehlukana. Bazizwa ukuthi bayabandlululwa, nokuthi ubuqotho babo namathalenta awathokozelwa. UJudasi nguye owabanolunya olukhulu kuJakobe noJohane.

“Lapho abafundi bengena kwikamelo lokudla kwakusihlwa, izinhliziyo zabo zazigcwele intukuthelo. UJudasi wahlala eduze kukaKristu esandleni sokunene; uJohane esandleni sokudla. Ukuba bekukhona indawo ephakeme kunalena, uJudasi wayezimisele ukuyithatha.”-The Desire of Ages, pp. 643, 644.

b. Yimuphi umfanekiso ekuqaleni owabeka ngokusoba abafundi ababewukhohliwe, kanjalo eyavusa enye imbangela yokungazwani phakathi kwabo-na? Mathewu 18:1-4.

“Esinye isizathu sokwehlukana savuka. Emkhosini kwakungumkhuba ukuba inceku igeze izinyawo zezihambi. Futhi ngalesikhathi amalungiselelo alenkonzo afeziwe. Isitsha samanzi, indebe, nendwangu zazikhona lapho, zilungele ukugezwa kwezinyawo; kodwa inceku yayingekho, futhi bekuyinxenye okufanele yenziwe ngabafundi. Kepha abafundi ngamunye, bavumela ukuziqhenya okulimele, bazimisela ukungenzi umsebenzi wenceku. Bonke babonisa ukunganaki okubuhlungu, kubonakala sengathi babengazi ukuthi kukhona okumele bakwenza namuhla. Ngokuthula kwabo benqaba ukuzithoba.”-Ibid., p. 644.

“Ake sicabange ukuthi amazwi ethu azwakala kanjani ezindlebeni zikaNkulunkulu, nokuthi imicabango yethu yobugovu ibukeka kanjani phambi kobuso Bakhe, lapho sihlulela futhi sigxeka abanye, abangase babengcono ngokwenhliziyo nangenhloso kunathi.”-The Signs of the Times, Nhlolanja 19, 1885.


Ngolwesithathu , Ntulikazi 23

4. UMZEKELO OKHONA

a. Ngemuva kokulinda ngesineke abafundi ukuba bathathe inyathelo kuqala, kuyini uJesu akwenza ekugcineni-na? Johane 13:3-5.

“[Johane 13:5 ngokuphindwa.] Lesenzo savula amehlo abafundi. Ihlazo elibabayo nokuthotshiswa kwagcwalisa iinhliziyo zabo. Baqonda ukukhuza okuthulile, futhi bazibona ekukhanyeni okusha.

“Kanjalo uKristu wagcizelela uthando Lwakhe kubafundi Bakhe. Umoya wobugovu babo kwaMgcwalisa ngosizi, kodwa akangenanga kwimpikiswano yabo maqondana nobunzima babo. Endaweni yalokho wabanika isibonelo abangeke basikhohlwa.”-The Desire of Ages, p. 644, 645.

b. Wasabela kanjani uPeter lapho sekuyithuba lakhe-na? Johane 13:6-8 (isigaba sokuqala).

“UPeter akazange akumele ukubona iNkosi yakhe, Lowo akholelwa ukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu, enza inxenye yobunceku. Wonke umphefumulo Wakhe wavuka ukumelana nokuthotshiswa. Wayengaqondi ukuthi Kristu ufikile kulomhlaba.”-Ibid., pp. 645, 646.

c. UJudasi wafinyelela kude kangakanani ekuzinikeleni ezilingweni zikaSathane-futhi uKristu wabonisa kanjani ukuthi uyakubona lokhu-na? Johane 13:2, 10, 11.

“Ngaphambi kokuthi iPhasika libekhona uJudasi wayesehlangene izikhathi ezimbili nabapristi nababhali, wenza isivumelwano sokuletha uJesu ezandleni zabo. Nokho kusukela ngalesosikhathi wazihlanganisa nabafundi kungathi akukho okungalungile, futhi ebonisa intakazelelo yokulungisela umkhosi. Abafundi babengazi lutho ngecebo likaJudasi. UJesu kuphela obengafunda imfihlo yakhe. Nokho akazange amdalule. UJesu wayelangazela umphefumulo wakhe. Wamzwela ngobunzima ayenabo njengeJerusalema lapho Ekhalela umuzi ojezisiwe. Inhliziyo Yakhe Yakhala, ngingamyeka kanjani-na? Amandla acindezelayo othando azwakala ngoJuda. Lapho izandla zoMsindisi zigeza lezozinyawo ezingcolile, futhi wazesula ngethawula, inhliziyo kaJudasi yajabula futhi ngomuzwaa wokuqina ngaleso sikhathi nalapho kwakufanele avume isono sakhe. Kepha akazange azithobise.”-Ibid., p. 645.


Ngolwesine , Ntulikazi 24

5. UKUBALULEKA KOKUGEZANA IZINYAWO

a. Ngalesenzo, kuyini uJesu ngempela ayefisa ukuyenza-na? Johane 13:8 (isigaba sokugcina).

“Ngesenzo seNkosi inkonzo yokuthotshiswa yenziwa inkonzo engcwelisiwe. Kwakufanele igcinwe ngabafundi; ukuze bagcine engqondweni izifundo Zakhe zenkonzo yokuzithoba.

“Lenkonzo amalungiselelo awo amiswa nguKristu njengenkonzo yesacramende. Lapho ukuziqhenya, ukungezwani, nokuphikisana ngobukhulu kuthokozelwa, inhliziyo angeke ingene ebudlelwaneni noKristu. Asikakulungeli ukuthola isidlo somzimba Wakhe negazi Lakhe. Ngakho-ke yilokho uJesu amisa isikhumbuzo sokuzithoba Kwakhe ukuba kuqashelwe kuqala.”-The Desire of Ages, p. 650.

b. Yimaphi amazwi abalulekile uJesu awasho emva kwenkonzo yokugezana-izinyawo-futhi kuyini okungalethwa ezingqondweni zethu ukulondolozwa lenkonzo-na? Johane 13:12-17.

“Sinokuduka, futhi siyaphambuka izikhathi eziningi. Masibuyele eNkosini ngokuphenduka nokuvuma izono. Njengoba sibuthene ukuhlanganyela kwinkonzo yesidlo endlini yeNkosi, masilungise wonke amaphutha, ngokuya ngokwamandla ethu. Uma uguqa phambi komzwalwane, ugeza izinyawo zakhe, zibuze lombuzo, ‘Ingabe kukhona enhliziyweni yami okungihlukanisa nalomzalwane-na? Ingabe ngishilo noma ngenzile okuthize okungasehlukanisa-na?’ Uma kunjalo, kususe ngokuvuma ngenhliziyo isono sakho. Kanjalo inhliziyo izohlanganiswa nenhliziyo, futhi isibusiso sikaNkulunkulu sizobonakala.”-Reflecting Christ, p. 283.


NgoLwesihlanu , Ntulikazi 25

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE

1. Chaza umehluko phakathi kwesimo sengqondo yasezulwini kanye nesomhlaba.

2. Uma ngenqaba ukugeza izinyawo zomfowethu, kuyini ngempela engikwenqabayo-na?

3. Yimaphi amava kaJudasi angaphakathi eza njengesixwayiso kimi-na?

4. Chaza ukuthi uKristu waguqula kanjani isimo sengqondo sabafundi.

5. Iyini inhloso nokubaluleka kwenkonzo yokugezana izinyawo-na?

 <<    >>